Friday, May 15, 2009

uMqali walolu hambho!!!


UMPHROFITHI Isaiah Shembe wazalelwa eNtabamhlophe eMtshezi. Kunendida ngonyaka azalwa ngawo kodwa ikhonjwa phakathi kuka 1860-70. Wathutha kanye nabelung ababkhele lendawo bakhuphukela ngaphezu koNdi endaweni yaseHarrismith District. Ngaleso sikhathi wayesengumfana omncane Kuthe uma eqala ukungena ebubhungwini wasebenza kubelunu elusa, ngelinye iLanga wezwa izwi likhuluma kodwa engazi ukuthi liqhamuka kuphi waqalaza akabona muntu.Ngelinye ilanga wayeseluse eduze kwensimi yezithelo zanapetshisi omlungu epulazini elithile wazizwa eselambile, wafikelwa wuvalo lokuthi umlungu angamoni engena ensimini, wathabdaza ukuthi angamboni eseqedile wangena ensimini yezithelo wakhwela emthini wamapetshisi wawakha ewaqhulela esiphukwini ayesibophele entanyeni, ithe ezwa kwakukhuluma umuntu ngeBhunu kanti nguyena umnikazi wensimu ethi:{Uma ngingababona laba bafana abdla amapetshisi ami ngingabenza into emnyama}wayeseduze kakhulu umLung, uShembe engasakwazi ukuhla emthini abaleke wathula enokwesaba okukhulu, kwafika izwi lathi kuye "BHEKA PHEZULU UNGAMBHEKI UMLUNGU". Wabona sengathi kukhona into eyehlela kuye.Kweza umlungu wafika wema phansi komuthi kodwa akambonanga, wadlula esihlahleni waqonda ekhaya. Noma esekhulile eseyindoda eseganiwe lelizwi lalide lifika kuyekwazekwathi esesebenza eHarrismith wangena eBandleni laseWeseli(Methodist Church). Yilapho-ke abona khona ukuthi izwi elikhuluma naye lisuka livela kuNkulunkulu.Walithanda kakhulu iBhayibheli walifunda futhi walazi, akahlalanga kakhulu ebandleni laseWeseli ngoba waba nemibuzo eminingi emayelena nokuseBhayibhelini ngendaba yokubhabhadisa ebunzini nokudla inyama yengulube.Umfundis wakhe yamehlula lemibuzo, emuva kwesikhashana mahlanga noMfundisi webandla laseBaptist bezwa naye ngoba amaBaptist abhabhadisa emanzini nalhona waba nemibuzo eminingi ngokulotshiweyo eBhayibhelini.Nakhona eBhaptist kwabonakala ukuthi imibuzo yakhe iyasinda waqhubeka kodwa khona waze waba Ngumshumayeli, ngelinye ilanga kwakunomhlangano khona wanokezwa inkonzo. Wathi uma eqala ukushumayela abantu bonke endlini bagcwala umoya, abanye bavukwa yizifo, abanye babaleka bekhala.Babona abefunduisi ufuthi unomoya omkhulu waseZulwini, uthe uma esenguMvangeli, uMfundisi wakhe wathi kulungile ukuthi ahambe eshumayela, ashumayeze abantu ukuze akwazi ukuthi uma esebashemayezile akwa ukubenza bagcine lemithetho eBhayibheleni ahlale ababuza ngayo ukuthi ayigcinwa ngani.Kwathi ngelinye ilanga ebophele izinkabi zidonsa inqola laduma izulu kakhulu washaywa umbani kwafa nezikabi zakhe. Esaqulekile elele kwafika izwi lithi makahambe ayoshumayela eNatal. Waboniswa isigodi esikhulu kuhleli abantu abaningi bembethe izingubo ezimhlophe, wathi uma ekhuluma bathi bonke ngzwi linye,{UYINGCWELE}Kwathi uma eselucabanga ukuhamba aye eNatal kwafika abeFundisi emzini wakhe beseBaptist ababili bevela eNatal bathi bathunywe weNkulunkulu ukithi abamlande, babuye bagoduka bamshiya.Kwaphela izinyana wabopha imithwalo yakhe washiya umuzi wakhe makhwela isitimela esiaya eThekwini. Ngaleso sikhathi-ke wayesenamandla amakhulu okuthandazazela abantu baphile masinyane, wafika eThekwini mahlala eMsizini, Kwakukhona ibhalekisi(indawo yokuphuzela) elalilapho eduze kwekamu lamaphoyisa, washumayela kakhulu ethandazela abantu baphile kwakulhona abantu nabelungu, amKhaladi namaNdiya bacela ukuba babhabhadiswe.wavuma wathi ngoba umfula ukude uMngeni uzobhabhadisela olwandle, nebala wahamba nabo bamlandela kodwa benovalo ukuthi bacwila olwandle waqonda laphaya lapho kusebhishi labantu khona. Wathi uma efika eduze kwamanzi wema, waphakamisa isandla sokudla wasibhekisa olwandle wathandaza waqeda wangena.Kwaqhamuka igagasi elikhulu waphakamisa isandla lehla, wangena emanzini aze afika ovalweni, wema wabiza abantu babesaba, waphumama wabalanda ababili wangena nabo, mabhabha abantu babengamashumi(30) emi khona lapho, kuthi uma kuza igagasi ephakamise isandla libohle.Wathi esuka eThekwini waqonda eNanda ebizwa khona emzini wakwaShangase eMzinyathi wafica umakoti wakhona eneminyaka engaboni evaleke amehlo, wamthandazela wabona masinyane.Bonke abantu ayebashumayeza babethi bangakhetha iNkosi athi kuhle baye kubefundisi noma yimuphi oseduze basonte khona. Nalabo ayebathandazela bekholwa kwezinye izinkonzo wayethi abaphindele kuzo izinkonzo zabo.Abantu abangabalandeli bakhe sebebaningana bathi kuhle abasontise yena ngoba uma beya kwamanye amasonto bafik bathi abafundisi ababazi abaphindele kulona owabashumayezayo.Waliqala-ke iBandla lakhe landa, Uma selandile waliqamba igama wathi yiNazareth Baptist Church.

No comments:

Post a Comment